Isingeniso:- Izinga Lokungaboni Kahle lihlezi liyinselela enkulu ekhathaza izingane ezihamba isikole emhlabeni wonke, futhi linomthelela ezingeni lempilo ephilwa yilezo zingane. Ukuhlonza ukuvama nokusabalala kwalesi sifo, kanye nomthelela waso ezingeni lempilo ephilwa yizingane ezihamba isikole
Indawo Yocwaningo:- Lolu cwaningo lwenzelwe esikolweni kubantwana abafundayo abahlala ngaphakathi kwemingcele Yesifunda Sase Sikhukhune (Limpopo) Eningizimu Afrik
Indlela yokwenza ucwaningo:- elandelwe, kube yileyo yokuqoka abantwana besikole ababaphakathi kweminyaka eyi-6 kuya kweyi-18, kusukela ku-Grade R kuya ku- 12, ngokubadumba nje kulandelwe imidiyo ethize. Bangama-400 sebebonke abantwana besikole ababemenyelwe ukubamba iqhaza kulolu cwaningo, kwathi abangama-326 (81.5% [95% CI, 77.7- 85.3]) kulaba bafundi bahlolelwa amehlo. Abafundi baxilongwa bengazifakile izibuko, baphinda futhi bahlolwa izinga lokubona bezifakile. Izinga lokubona lahlolwa nge LogMAR chart, kwabhekwa ukesebenzisana kwemisipha yamehlo, kwabhekwa ungwengwezi kwase kuhlolwa impilo yawo amehlo phakathi (phecelezi kwi fundus). Imibuzo ye National Eye Institute Visual Function Questionnare (NEI- VFQ-25) nayo yasetshenziswa ukuze kuhlolwe izinga lempilo yabafundi egcina ingumthelela wawo amehlo.
Imiphumela:- Abafundi abatholakala bangaboni ngokwenelisayo batholakala bengu 12,3% (95% CI, 8.7-15.8). Ababengaboni kakhulu babe ngu 2.1% (95% CI, 0.6-3.7). Ababenenkinga yamehlo angaboni kahle (phecelezi Refractive Error) babe ngu-81%, iningi labahluleka ukubona into uma iqhelile kubona. Abesilisa babengu 50.7% (95% CI, 38.8-62.7), abesifazane bengu 49.3% (95% CI, 37.3-61.2) kulaba ababehloliwe. Iningi lababenenkinga yokubona babe neminyaka kwe-4 kuya kweyi-18, befunda u grade 9 to 12 (46.3% [95% CI, 34.3-58.2]). Izinga lempilo yabo nalo lathokala liphansi uma kuhlolwa nge NEI-VFQ-25
Isiphetho:- Izinga lokungaboni kahle nokukhubazeka ngamehlo liphezulu eSikhukhune. Abengamele ezempilo nabaphathiswa emkhakheni wamehlo kumele bangenelele balekelele ngezindlela zokusiza abantwana ukuze nezinga labo lempilo libe ngconywan.